Deuteronomy - Chapter 2

Verse 1: “Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.

Verse 2: “UJehova wakhuluma kimi, wathi:

Verse 3: ‘Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho.

Verse 4: Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,

Verse 5: ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.

Verse 6: Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.” ’

Verse 7: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.

Verse 8: “Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase-Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

Verse 9: “UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”

Verse 10: Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;

Verse 11: laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.

Verse 12: AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.

Verse 13: “ ‘Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi.’ Sase siwela-ke umfula iZeredi.

Verse 14: “Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu, njengalokho uJehova afunga kuwo.

Verse 15: Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu, aze aphela.

Verse 16: “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,

Verse 17: uJehova wakhuluma kimi, wathi:

Verse 18: ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;

Verse 19: lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”

Verse 20: Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,

Verse 21: abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,

Verse 22: njengalokho ebenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;

Verse 23: kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.

Verse 24: “ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.

Verse 25: Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

Verse 26: “Ngase ngithuma izithunywa kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, zisuka ehlane laseKedemoti, zinamazwi okuthula, ngokuthi:

Verse 27: ‘Mangidabule izwe lakho; ngiyakuhamba ngomgwaqo, ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

Verse 28: Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,

Verse 29: njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’

Verse 30: Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.

Verse 31: “UJehova wayesethi kimi: ‘Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.’

Verse 32: “USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.

Verse 33: UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu, samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.

Verse 34: Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;

Verse 35: izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.

Verse 36: Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;

Verse 37: izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJakobi, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories