Verse 1: “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.
Verse 2: Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.
Verse 3: Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe, wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.
Verse 4: “Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.
Verse 5: “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 6: “Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
Verse 7: kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
Verse 8: “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.
Verse 9: “Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
Verse 10: “Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.
Verse 11: “Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.
Verse 12: “Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.
Verse 13: “Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,
Verse 14: amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’
Verse 15: uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni,
Verse 16: uyise wentombi athi kumalunga: ‘Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;
Verse 17: bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: “Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho,” nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami.’ Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.
Verse 18: Amalunga alowo muzi ayakumthatha lowo muntu, amlaye,
Verse 19: amhlawulise ngamashekeli esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi, ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa-Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.
Verse 20: “Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,
Verse 21: bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Verse 22: “Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo; kanjalo uyakukhipha ububi kwa-Israyeli.
Verse 23: “Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda, umuntu ayifumane emzini, alale nayo,
Verse 24: niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Verse 25: “Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso, indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa,
Verse 26: ungenzi lutho kuyo intombi, ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe, ambulale,
Verse 27: ngokuba wayifumana isendle; noma intombi eyingoduso yakhala, akwabakho muntu wokuyisindisa.
Verse 28: “Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, baficwe,
Verse 29: indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.
Verse 30: “Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe.