Verse 1: “Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.
Verse 2: Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 3: “Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.
Verse 4: “Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.
Verse 5: “Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.
Verse 6: “Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.
Verse 7: “UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.
Verse 8: “UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Verse 9: “UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.
Verse 10: Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.
Verse 11: UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.
Verse 12: “UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.
Verse 13: UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,
Verse 14: nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.
Verse 15: “Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.
Verse 16: “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.
Verse 17: “Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.
Verse 18: “Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.
Verse 19: “Uyakuqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe nasekuphumeni kwakho.
Verse 20: “UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso, nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze, uze uchithwe, ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.
Verse 21: UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.
Verse 22: UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.
Verse 23: Izulu lakho eliphezu kwakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.
Verse 24: UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.
Verse 25: “UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.
Verse 26: Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.
Verse 27: UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.
Verse 28: UJehova uyakukushaya ngobuhlanya, nangobumpumputhe, nangokugcwaneka,
Verse 29: uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.
Verse 30: “Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.
Verse 31: Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.
Verse 32: Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.
Verse 33: Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe
Verse 34: ukuba ugcwaneke ngokubonwa ngamehlo akho oyakukubona.
Verse 35: UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.
Verse 36: “UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.
Verse 37: Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.
Verse 38: “Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.
Verse 39: Uyakutshala izivini, uzisebenze, kepha awuyikuliphuza iwayini, ungabuthi izithelo zomvini, ngokuba umswenya uyakuzidla.
Verse 40: Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.
Verse 41: Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.
Verse 42: Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.
Verse 43: “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.
Verse 44: Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
Verse 45: “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,
Verse 46: zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.
Verse 47: Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,
Verse 48: uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.
Verse 49: “UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,
Verse 50: isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.
Verse 51: Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.
Verse 52: Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.
Verse 53: “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.
Verse 54: Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo,
Verse 55: ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.
Verse 56: Owesifazane othambileyo notetemayo phakathi kwenu obengenasibindi sokubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini ngenxa yokutetema nokuthambeka, iso lakhe liyakuba libi endodeni esesifubeni sakhe, nasendodaneni yakhe, nasendodakazini yakhe,
Verse 57: nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.
Verse 58: “Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,
Verse 59: uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise, kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.
Verse 60: Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe.
Verse 61: Konke ukugula nazo zonke izifo okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uJehova uyakukukhweza phezu kwakho, uze ubhujiswe.
Verse 62: Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 63: Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.
Verse 64: “UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.
Verse 65: Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,
Verse 66: ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho, wesabe ubusuku nemini, ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho;
Verse 67: ekuseni uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kukusihlwa,’ nakusihlwa uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kusekuseni,’ ngenxa yengebhe yenhliziyo yakho oyakuba nayo nagenxa yokubonwa ngamehlo akho oyakukubona.
Verse 68: UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”