Verse 1: “Olimele emasendeni noma enqunyiwe umphambili akanakungena ebandleni likaJehova.
Verse 2: “Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.
Verse 3: “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,
Verse 4: ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.
Verse 5: UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.
Verse 6: Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.
Verse 7: “Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.
Verse 8: Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.
Verse 9: “Lapho usekamu ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.
Verse 10: Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,
Verse 11: kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.
Verse 12: “Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,
Verse 13: ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,
Verse 14: ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.
Verse 15: “Unganikeli kumniniso isigqila esibalekile kumniniso seza kuwe.
Verse 16: Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.
Verse 17: “Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.
Verse 18: Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 19: “Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.
Verse 20: Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.
Verse 21: “Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.
Verse 22: Kepha uma uyeka ukwethembisa, akuyikuba yisono kuwe.
Verse 23: Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.
Verse 24: “Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.
Verse 25: “Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho, ungazikha izikhwebu ngesandla sakho, kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.