Deuteronomy - Chapter 32

Verse 1: “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

Verse 2: Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,

Verse 3: ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

Verse 4: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.

Verse 5: “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

Verse 6: UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.

Verse 7: “Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele.

Verse 8: Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

Verse 9: Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

Verse 10: “Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

Verse 11: Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.

Verse 12: UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

Verse 13: “Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,

Verse 14: namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

Verse 15: “UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.

Verse 16: Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.

Verse 17: “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.

Verse 18: IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.

Verse 19: “UJehova wakubona, wanengwa yibo, ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe namadodakazi akhe.

Verse 20: Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.

Verse 21: Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Verse 22: Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.

Verse 23: “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.

Verse 24: Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

Verse 25: Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.

Verse 26: Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”

Verse 27: uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’

Verse 28: “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo.

Verse 29: Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

Verse 30: Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?

Verse 31: Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.

Verse 32: Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu;

Verse 33: iwayini labo liyisihlungu sawodrako, lingubuthi obesabekayo bamabululu.

Verse 34: Lokho akubekelelwe kimina, kunamathelisiwe engcebeni yami na?

Verse 35: Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.

Verse 36: “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.

Verse 37: Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo, idwala ababephephela kulo,

Verse 38: ababedla amanoni emihlatshelo yabo, beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.

Verse 39: “ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.

Verse 40: Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:

Verse 41: uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’

Verse 42: “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

Verse 43: Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”

Verse 44: UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni.

Verse 45: UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli

Verse 46: wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.

Verse 47: Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

Verse 48: UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi:

Verse 49: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,

Verse 50: ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo,

Verse 51: ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Verse 52: Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories