Verse 1: Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
Verse 2: Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni.
Verse 3: UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.
Verse 4: Isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.
Verse 5: Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
Verse 6: Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.
Verse 7: Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.
Verse 8: Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
Verse 9: Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
Verse 10: Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.
Verse 11: Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
Verse 12: Inzondo iyabanga ukuxabana, kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
Verse 13: Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
Verse 14: Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.
Verse 15: Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.
Verse 16: Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila; inzuzo yababi ingeyokona.
Verse 17: Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
Verse 18: Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.
Verse 19: Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
Verse 20: Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane.
Verse 21: Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Verse 22: Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.
Verse 23: Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
Verse 24: Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.
Verse 25: Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
Verse 26: Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo.
Verse 27: Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyancishiswa.
Verse 28: Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo, kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
Verse 29: Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona.
Verse 30: Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade, kepha ababi abayikuhlala ezweni.
Verse 31: Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha, kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.
Verse 32: Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle, kepha umlomo wababi okuphambeneyo.