Proverbs - Chapter 11

Verse 1: Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.

Verse 2: Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

Verse 3: Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

Verse 4: Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Verse 5: Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

Verse 6: Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.

Verse 7: Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha.

Verse 8: Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.

Verse 9: Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.

Verse 10: Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.

Verse 11: Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.

Verse 12: Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.

Verse 13: Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

Verse 14: Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.

Verse 15: Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi, kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.

Verse 16: Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.

Verse 17: Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uhlupha inyama yakhe.

Verse 18: Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

Verse 19: Oqinile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi, kuyakuba ngukufa kwakhe.

Verse 20: Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova. kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.

Verse 21: Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.

Verse 22: Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.

Verse 23: Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka.

Verse 24: Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.

Verse 25: Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

Verse 26: Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.

Verse 27: Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.

Verse 28: Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.

Verse 29: Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.

Verse 30: Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.

Verse 31: Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories