Verse 1: Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.
Verse 2: Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi, kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
Verse 3: Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.
Verse 4: Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
Verse 5: Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
Verse 6: Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi, kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
Verse 7: Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
Verse 8: Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
Verse 9: Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.
Verse 10: Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela; ozonda ukusolwa uyakufa.
Verse 11: Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
Verse 12: Isideleli asithandi ukusolwa; asiyi kwabahlakaniphileyo.
Verse 13: Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.
Verse 14: Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi, kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
Verse 15: Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi, kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.
Verse 16: Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
Verse 17: Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
Verse 18: Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
Verse 19: Indlela yevila injengothango lobobe, kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
Verse 20: Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise, kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
Verse 21: Ubuwula buyintokozo kongenangqondo, kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
Verse 22: Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
Verse 23: Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe, nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
Verse 24: Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezulu ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.
Verse 25: Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
Verse 26: Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova, kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
Verse 27: Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
Verse 28: Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
Verse 29: UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.
Verse 30: Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
Verse 31: Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
Verse 32: Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe, kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
Verse 33: Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha; ukuthobeka kuyandulela udumo.