Verse 1: Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.
Verse 2: Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
Verse 3: Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
Verse 4: Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.
Verse 5: Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
Verse 6: Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.
Verse 7: Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
Verse 8: Indlela yothweswe icala iyinsongensonge, kepha ohlanzekileyo, isenzo sakhe silungile.
Verse 9: Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
Verse 10: Umphefumulo womubi ufisa okubi; umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
Verse 11: Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.
Verse 12: Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.
Verse 13: Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.
Verse 14: Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka, nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
Verse 15: Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela, kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
Verse 16: Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.
Verse 17: Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
Verse 18: Omubi uyihlawulo lolungileyo, nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
Verse 19: Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
Verse 20: Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
Verse 21: Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
Verse 22: Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, awise phansi inqaba ayethembayo wona.
Verse 23: Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
Verse 24: Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
Verse 25: Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
Verse 26: Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.
Verse 27: Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
Verse 28: Ufakazi wamanga uyabhujiswa, kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
Verse 29: Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
Verse 30: Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.
Verse 31: Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.