Proverbs - Chapter 2

Verse 1: Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami,

Verse 2: ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,

Verse 3: yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,

Verse 4: uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

Verse 5: khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.

Verse 6: Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

Verse 7: Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,

Verse 8: egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

Verse 9: Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.

Verse 10: Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.

Verse 11: Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,

Verse 12: ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,

Verse 13: abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;

Verse 14: abathokoza ngokwenza okubi, bajabulele ukuphambana kobubi;

Verse 15: abazindlela zabo ziyisigwegwe, nemikhondo yabo iphambene,

Verse 16: ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo,

Verse 17: oshiya umngane wobusha bakhe, akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

Verse 18: ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni, nasezithunzini izindlela zakhe.

Verse 19: Bonke abangena kuye ababuyi, bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.

Verse 20: Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle, ugcine imikhondo yabalungileyo.

Verse 21: Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.

Verse 22: Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories