Ezekiel - Chapter 14

Verse 1: Kwafika kimi amadoda amalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami.

Verse 2: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Verse 3: “Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?

Verse 4: Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,

Verse 5: ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’

Verse 6: “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.

Verse 7: “ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami,

Verse 8: ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.

Verse 9: “ ‘Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli.

Verse 10: Bayakuthwala ukona kwabo, ukona kobuzayo kube njengokona komprofethi,

Verse 11: ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”

Verse 12: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Verse 13: “Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,

Verse 14: noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.

Verse 15: “Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane,

Verse 16: noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.

Verse 17: “Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,

Verse 18: noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa.

Verse 19: “Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe, ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,

Verse 20: noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.

Verse 21: “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?

Verse 22: Kepha bheka, kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa, amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo, niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo.

Verse 23: Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories