Ezekiel - Chapter 46

Verse 1: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.

Verse 2: Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.

Verse 3: Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.

Verse 4: Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

Verse 5: umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

Verse 6: Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.

Verse 7: Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

Verse 8: Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.

Verse 9: Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

Verse 10: Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

Verse 11: “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

Verse 12: Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

Verse 13: “ ‘Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.

Verse 14: Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa nenxenye yesithathu yehini lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

Verse 15: Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

Verse 16: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.

Verse 17: Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

Verse 18: Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”

Verse 19: Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.

Verse 20: Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”

Verse 21: Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.

Verse 22: Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.

Verse 23: Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.

Verse 24: Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories