Verse 1: Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
Verse 2: Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
Verse 3: Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
Verse 4: Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
Verse 5: Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa.
Verse 6: Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?” Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
Verse 7: Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha.
Verse 8: Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.
Verse 9: Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona.
Verse 10: Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
Verse 11: Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti.
Verse 12: Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
Verse 13: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
Verse 14: Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.
Verse 15: “Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,
Verse 16: naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana.
Verse 17: Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.
Verse 18: “Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.
Verse 19: “Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.
Verse 20: “Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.
Verse 21: “Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli.
Verse 22: Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
Verse 23: Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.