Verse 1: Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
Verse 2: “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe, uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe,
Verse 3: ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”
Verse 4: Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho, nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho ezingcwecweni zakho, ngikukhuphule phakathi kwemifula yakho kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho ezinamathela ezingcwecweni zakho.
Verse 5: Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlabathi; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.
Verse 6: Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova, ngokuba bebeludondolo lohlanga kuyo indlu yakwa-Israyeli.
Verse 7: Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka, uklebhula zonke izinhlangothi zabo; nalapho bencika kuwe, uyaphuka, untengantengise zonke izinkalo zabo.
Verse 8: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.
Verse 9: Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”
Verse 10: Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.
Verse 11: Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.
Verse 12: Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi amane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
Verse 13: “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,
Verse 14: ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona.
Verse 15: Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.
Verse 16: Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”
Verse 17: Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
Verse 18: “Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.
Verse 19: Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.
Verse 20: Ngiyamnika izwe laseGibithe ngomsebenzi owakhonza ngawo, abawenza kimi, isho iNkosi uJehova.
Verse 21: “Ngalolo suku ngiyakuhlumisa uphondo endlini ka-Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.”