Verse 1: Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
Verse 2: “Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe: “ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?
Verse 3: Bheka, ungumkhoba, ungumsedari waseLebanoni; unamagatsha amahle, namaqabunga anomthunzi, nesiqu esiphakemeyo; isihloko sawo siphakathi kwamafu.
Verse 4: Amanzi awukhulisa, utwa lwawuphakamisa; imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo; yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
Verse 5: Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle; izingatsha zawo zandiswa, namagatsha awo elulwa ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.
Verse 6: Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo, zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo; emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.
Verse 7: Wawusumuhle ebukhulwini bawo, ngobude bamagatsha awo, ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.
Verse 8: Imisedari yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha, imisayipuresi yayingafani nezingatsha zawo, nemipelatani yayingenjengamagatsha awo, futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.
Verse 9: Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo, imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkulu yaze yaba nomhawu.
Verse 10: “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,
Verse 11: ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.
Verse 12: Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.
Verse 13: Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo
Verse 14: ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.
Verse 15: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
Verse 16: Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba.
Verse 17: Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.
Verse 18: “ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”