Verse 1: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 2: “Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo,
Verse 3: uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike, nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa,
Verse 4: ngegazi olichithileyo unecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile; usondezile izinsuku zakho, ufikile eminyakeni yakho; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.
Verse 5: Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.
Verse 6: “ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.
Verse 7: Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.
Verse 8: Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.
Verse 9: Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.
Verse 10: Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe.
Verse 11: Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.
Verse 12: Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.
Verse 13: “ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.
Verse 14: Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.
Verse 15: Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.
Verse 16: Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe; uyakwazi ukuthi nginguJehova.’ ”
Verse 17: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 18: “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi; bonke babo bayithusi nethini nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamanyela esiliva.
Verse 19: Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema.
Verse 20: Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.
Verse 21: Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo.
Verse 22: Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”
Verse 23: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 24: “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’
Verse 25: Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.
Verse 26: Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.
Verse 27: Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.
Verse 28: Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.
Verse 29: Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.
Verse 30: “Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.
Verse 31: Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”