Numbers - Chapter 28

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 2: “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’

Verse 3: Wothi kubo: ‘Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.

Verse 4: Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,

Verse 5: kanye nokweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshelweyo.

Verse 6: Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

Verse 7: Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.

Verse 8: Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

Verse 9: “ ‘Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:

Verse 10: lokhu kungumnikelo oshiswa amasabatha onke ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

Verse 11: “ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,

Verse 12: kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,

Verse 13: nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

Verse 14: Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.

Verse 15: Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

Verse 16: “ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.

Verse 17: Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

Verse 18: Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,

Verse 19: kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,

Verse 20: kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, ninikele ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama,

Verse 21: unikele ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

Verse 22: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;

Verse 23: ninikele ngalokho kanye nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke.

Verse 24: Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

Verse 25: Ngosuku lwesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.

Verse 26: “ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,

Verse 27: kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye,

Verse 28: kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,

Verse 29: nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

Verse 30: nempongo ibe nye ukunenzela ukubuyisana.

Verse 31: Niyakunikela ngazo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, zibe ngezingenasici kini, kanye neminikelo yazo yokuphuzwa.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories