Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,
Verse 3: nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”
Verse 4: Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.
Verse 5: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 6: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala,
Verse 7: uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.
Verse 8: Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.
Verse 9: Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.
Verse 10: Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”
Verse 11: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 12: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,
Verse 13: alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,
Verse 14: afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga,
Verse 15: indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.
Verse 16: “ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova,
Verse 17: umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele, alufake emanzini,
Verse 18: umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.
Verse 19: Umpristi amfungise, athi kowesifazane: “Uma kungalalanga ndoda nawe, ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso;
Verse 20: kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho, futhi ungcolisiwe, kulale nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho,”
Verse 21: umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: “UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho.
Verse 22: Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.” “ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”
Verse 23: “ ‘Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo,
Verse 24: aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe.
Verse 25: Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e-altare;
Verse 26: umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu, ube yisikhumbuzo sawo, awushise e-altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi.
Verse 27: Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo.
Verse 28: Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.
Verse 29: “ ‘Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe,
Verse 30: noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye.
Verse 31: Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.’ ”