Numbers - Chapter 35

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:

Verse 2: “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.

Verse 3: Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.

Verse 4: “Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.

Verse 5: Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.

Verse 6: “Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili.

Verse 7: Yonke imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba ngamashumi amane nesishiyagalombili, yona kanye namadlelo ayo.

Verse 8: Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”

Verse 9: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 10: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani,

Verse 11: niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

Verse 12: Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

Verse 13: Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.

Verse 14: Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.

Verse 15: Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

Verse 16: “ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

Verse 17: Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

Verse 18: Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

Verse 19: Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.

Verse 20: Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,

Verse 21: noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.

Verse 22: “ ‘Kepha uma emgqula engazelele kungengabutha, noma emphonsa ngento engamqamekelanga,

Verse 23: noma ngetshe umuntu angafa ngalo, engamboni, amphonse ngalo aze afe, engeyiso isitha sakhe, ebengafuni futhi ukumona,

Verse 24: khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;

Verse 25: inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.

Verse 26: “ ‘Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,

Verse 27: umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,

Verse 28: ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.

Verse 29: “ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.

Verse 30: “ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.

Verse 31: “ ‘Futhi aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala, kodwa wobulawa nokubulawa.

Verse 32: “ ‘Aniyikuthatha ihlawulo lobalekele emzini wakhe wokuphephela ukuba abuye ahlale ezweni, engakafi umpristi.

Verse 33: “ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.

Verse 34: Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories