Numbers - Chapter 9

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:

Verse 2: “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.

Verse 3: Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.”

Verse 4: UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika.

Verse 5: Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

Verse 6: Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla.

Verse 7: Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?”

Verse 8: UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.”

Verse 9: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Verse 10: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;

Verse 11: ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;

Verse 12: abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza.

Verse 13: Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

Verse 14: “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

Verse 15: Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

Verse 16: Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.

Verse 17: Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.

Verse 18: Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.

Verse 19: Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

Verse 20: Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu, nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

Verse 21: Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.

Verse 22: Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

Verse 23: Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories