Verse 1: Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,
Verse 2: izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo.
Verse 3: Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.
Verse 4: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 5: “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.”
Verse 6: UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.
Verse 7: Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,
Verse 8: nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Verse 9: Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.
Verse 10: Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.
Verse 11: UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”
Verse 12: Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.
Verse 13: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 14: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 15: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 16: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 17: Okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
Verse 18: Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli indodana kaSuwari, isikhulu sakwa-Isakare.
Verse 19: Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 20: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 21: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 22: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 23: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNethaneli indodana kaSuwari.
Verse 24: Ngosuku lwesithathu ngu-Eliyabe indodana kaHeloni, isikhulu sabantwana bakwaZebuloni.
Verse 25: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 26: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 27: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 28: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 29: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyabe indodana kaHeloni.
Verse 30: Ngosuku lwesine ngu-Elisuri indodana kaShedewuri, isikhulu sabantwana bakwaRubeni.
Verse 31: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 32: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 33: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 34: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 35: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elisuri indodana kaShedewuri.
Verse 36: Ngosuku lwesihlanu nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi, isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni.
Verse 37: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 38: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 39: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 40: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 41: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
Verse 42: Ngosuku lwesithupha ngu-Eliyasafa indodana kaDehuweli, isikhulu sabantwana bakwaGadi.
Verse 43: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 44: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 45: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 46: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 47: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
Verse 48: Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi.
Verse 49: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 50: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 51: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 52: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 53: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi.
Verse 54: Ngosuku lwesishiyagalombili nguGamaliyeli indodana kaPedasuri, isikhulu sabantwana bakwaManase.
Verse 55: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 56: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 57: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 58: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 59: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyishlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Verse 60: Ngosuku lwesishiyagalolunye ngu-Abidani indodana kaGideyoni, isikhulu sabantwana bakwaBenjamini.
Verse 61: Unikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 62: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 63: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 64: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 65: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Abidani indodana kaGideyoni.
Verse 66: Ngosuku lweshumi ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani.
Verse 67: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 68: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 69: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 70: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 71: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Verse 72: Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana ka-Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.
Verse 73: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 74: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 75: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 76: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 77: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana ka-Okirani.
Verse 78: Ngosuku lweshumi nambili ngu-Ahira indodana ka-Enani, isikhulu sabantwana bakwaNafetali.
Verse 79: Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
Verse 80: nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
Verse 81: neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
Verse 82: nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
Verse 83: Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani.
Verse 84: Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,
Verse 85: yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,
Verse 86: nezinkezo zegolide eziyishumi nambili ezigcwele impepho, yileyo naleyo ingamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendlu engcwele; lonke igolide lezinkezo lalingamashekeli ayikhulu namashumi amabili;
Verse 87: zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa zaziyizinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama eziyishumi nambili, nezimvu zamaduna ezinomnyaka munye eziyishumi nambili kanye nomnikelo wazo wempuphu, nezimpongo zomnikelo wesono eziyishumi nambili;
Verse 88: izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe.
Verse 89: Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.