Job - Chapter 13

Verse 1: “Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.

Verse 2: Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina.

Verse 3: Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla; ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.

Verse 4: Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.

Verse 5: Sengathi ningathula nokuthula, lokho kube ngukuhlakanipha kini.

Verse 6: Ake nizwe ukuthetha kwami, niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.

Verse 7: Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi, nimkhulumele ngenkohliso, na?

Verse 8: Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na?

Verse 9: Kuhle yini, lapho eniphendla? Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

Verse 10: Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.

Verse 11: Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na?

Verse 12: Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

Verse 13: “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini.

Verse 14: Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

Verse 15: Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

Verse 16: Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

Verse 17: Zwisisani amazwi ami, ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

Verse 18: Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

Verse 19: Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke.

Verse 20: Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi, ngize ngingacasheli ubuso bakho:

Verse 21: masingasondeli kimi isandla sakho, ngingethuswa yingebhe ngawe.

Verse 22: Khona mawubize, mina ngiyakuphendula, noma kukhulume mina, wena ungiphendule.

Verse 23: Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na? Ngazise izeqo zami nezono zami.

Verse 24: Usithelani ubuso bakho, ungishaye isitha, na?

Verse 25: Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo, uxoshe amabibi awomileyo, na?

Verse 26: Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

Verse 27: ufaka izinyawo zami ezingongolweni, uqaphela zonke izindlela zami, uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

Verse 28: noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories