Verse 1: Wayesephendula uJobe, wathi:
Verse 2: “Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.
Verse 3: Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.
Verse 4: “Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na?
Verse 5: Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.
Verse 6: Lapho ngikhumbula nje, ngishaywa luvalo; ukwesaba kubamba inyama yami.
Verse 7: Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?
Verse 8: Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo, nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
Verse 9: Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
Verse 10: Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi; inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
Verse 11: Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.
Verse 12: Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngezwi lomtshingo.
Verse 13: Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
Verse 14: Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.
Verse 15: USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
Verse 16: Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo; icebo lababi malibe kude nami.
Verse 17: “Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
Verse 18: Babeyakuba njengezibi phambi komoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
Verse 19: UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo; yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
Verse 20: Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
Verse 21: Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
Verse 22: UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?
Verse 23: “Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.
Verse 24: Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha; umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
Verse 25: Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.
Verse 26: Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.
Verse 27: Bhekani, ngiyazi imicabango yenu, namacebo enu eniyakungona ngawo.
Verse 28: Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
Verse 29: Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo
Verse 30: bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
Verse 31: Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe? Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?
Verse 32: Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.
Verse 33: Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.
Verse 34: “Pho, ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”