Verse 1: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.
Verse 2: Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.
Verse 3: Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na?
Verse 4: Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.
Verse 5: Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,
Verse 6: ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
Verse 7: “Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.
Verse 8: Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,
Verse 9: ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.
Verse 10: Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?
Verse 11: Njengamanzi anyamalele elwandle, nomfula oshileyo ome,
Verse 12: kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka; lize lingabikho izulu abayikuvuka, bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
Verse 13: Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
Verse 14: Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.
Verse 15: Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
Verse 16: yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.
Verse 17: Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.
Verse 18: “Impela intaba iyawa, idilike; idwala liyasuswa endaweni yalo;
Verse 19: amanzi ayagubha amatshe; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
Verse 20: Uyamsukela kuze kube phakade, amuke; uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.
Verse 21: Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena; ayeyiswa, engakuqondi.
Verse 22: Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela; umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”