Verse 1: UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:
Verse 2: “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.
Verse 3: Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
Verse 4: “Ake ungizwe, kukhulume mina; ngiyakukubuza, wena ungazise.
Verse 5: Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona.
Verse 6: Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”
Verse 7: Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.
Verse 8: Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”
Verse 9: Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.
Verse 10: UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.
Verse 11: Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.
Verse 12: Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
Verse 13: Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
Verse 14: Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki.
Verse 15: Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.
Verse 16: Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
Verse 17: Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.