Verse 1: “Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo.
Verse 2: Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
Verse 3: Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
Verse 4: Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
Verse 5: UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
Verse 6: Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
Verse 7: Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
Verse 8: Seziya izilwane ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
Verse 9: Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso, namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
Verse 10: Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane, ububanzi bamanzi buqine.
Verse 11: Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.
Verse 12: Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe ukuba enze konke awayalayo ebusweni bomhlaba owakhiweyo,
Verse 13: awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.
Verse 14: “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
Verse 15: Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?
Verse 16: Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
Verse 17: wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?
Verse 18: Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?
Verse 19: Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.
Verse 20: Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na? Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?
Verse 21: Manje, abantu abanakukubona ukukhanya okukhazimula esibhakabhakeni,
Verse 22: Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
Verse 23: USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
Verse 24: Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”