Verse 1: Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
Verse 2: “Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
Verse 3: Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
Verse 4: Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
Verse 5: Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
Verse 6: Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”