Verse 1: Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;
Verse 2: ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;
Verse 3: obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
Verse 4: owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
Verse 5: Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
Verse 6: Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.
Verse 7: Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
Verse 8: Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.
Verse 9: Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.
Verse 10: Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.
Verse 11: Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
Verse 12: Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
Verse 13: Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
Verse 14: Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni,
Verse 15: newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
Verse 16: Iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo,
Verse 17: okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.
Verse 18: Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle; amawa ayisiphephelo sezimbila.
Verse 19: Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi; ilanga liyazi ukushona kwalo.
Verse 20: Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
Verse 21: Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
Verse 22: Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
Verse 23: Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
Verse 24: Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
Verse 25: Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.
Verse 26: Kuhamba khona imikhumbi, uLeviyathani lowo omenzile ukuba adlale kulo.
Verse 27: Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
Verse 28: Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
Verse 29: Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
Verse 30: Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.
Verse 31: Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
Verse 32: yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.
Verse 33: Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
Verse 34: Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.
Verse 35: Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!