Verse 1: Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.
Verse 2: Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,
Verse 3: abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe;
Verse 4: wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.
Verse 5: Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho.
Verse 6: Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
Verse 7: Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.
Verse 8: Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci.
Verse 9: Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.
Verse 10: Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.
Verse 11: Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.
Verse 12: Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho.
Verse 13: Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.
Verse 14: Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
Verse 15: Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho.
Verse 16: Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.
Verse 17: Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.
Verse 18: Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.
Verse 19: Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.
Verse 20: Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.
Verse 21: Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.
Verse 22: Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
Verse 23: Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho.
Verse 24: Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.
Verse 25: Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.
Verse 26: Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho.
Verse 27: Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
Verse 28: Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.
Verse 29: Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.
Verse 30: Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.
Verse 31: Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova.
Verse 32: Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.
Verse 33: Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.
Verse 34: Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
Verse 35: Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.
Verse 36: Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni.
Verse 37: Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.
Verse 38: Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe.
Verse 39: Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.
Verse 40: Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.
Verse 41: Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho.
Verse 42: Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.
Verse 43: Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho.
Verse 44: Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade.
Verse 45: Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.
Verse 46: Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.
Verse 47: Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo.
Verse 48: Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho.
Verse 49: Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo.
Verse 50: Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.
Verse 51: Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.
Verse 52: Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka.
Verse 53: Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.
Verse 54: Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.
Verse 55: Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.
Verse 56: Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
Verse 57: UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.
Verse 58: Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.
Verse 59: Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.
Verse 60: Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.
Verse 61: Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.
Verse 62: Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.
Verse 63: Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.
Verse 64: Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho.
Verse 65: Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho.
Verse 66: Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.
Verse 67: Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
Verse 68: Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.
Verse 69: Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.
Verse 70: Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.
Verse 71: Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.
Verse 72: Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.
Verse 73: Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.
Verse 74: Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.
Verse 75: Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.
Verse 76: Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho.
Verse 77: Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
Verse 78: Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.
Verse 79: Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho.
Verse 80: Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.
Verse 81: Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.
Verse 82: Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”
Verse 83: Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa.
Verse 84: Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na?
Verse 85: Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho.
Verse 86: Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize.
Verse 87: Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho.
Verse 88: Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
Verse 89: Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini.
Verse 90: Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.
Verse 91: Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.
Verse 92: Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Verse 93: Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.
Verse 94: Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.
Verse 95: Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
Verse 96: Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
Verse 97: Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.
Verse 98: Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.
Verse 99: Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
Verse 100: Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
Verse 101: Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.
Verse 102: Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa.
Verse 103: Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.
Verse 104: Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Verse 105: Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.
Verse 106: Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.
Verse 107: Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.
Verse 108: Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho:
Verse 109: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.
Verse 110: Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho.
Verse 111: Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.
Verse 112: Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni.
Verse 113: Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.
Verse 114: Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.
Verse 115: Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.
Verse 116: Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami.
Verse 117: Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho.
Verse 118: Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.
Verse 119: Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.
Verse 120: Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho.
Verse 121: Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami.
Verse 122: Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli.
Verse 123: Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.
Verse 124: Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.
Verse 125: Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.
Verse 126: Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.
Verse 127: Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo.
Verse 128: Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Verse 129: Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.
Verse 130: Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
Verse 131: Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.
Verse 132: Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho.
Verse 133: Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.
Verse 134: Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho.
Verse 135: Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.
Verse 136: Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.
Verse 137: Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.
Verse 138: Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu.
Verse 139: Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.
Verse 140: Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda.
Verse 141: Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.
Verse 142: Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.
Verse 143: Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.
Verse 144: Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.
Verse 145: Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina.
Verse 146: Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho.
Verse 147: Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho.
Verse 148: Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho.
Verse 149: Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova, ungiphilise ngokwezahlulelo zakho.
Verse 150: Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho.
Verse 151: Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.
Verse 152: Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.
Verse 153: Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.
Verse 154: Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.
Verse 155: Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho.
Verse 156: Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.
Verse 157: Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki.
Verse 158: Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho.
Verse 159: Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho.
Verse 160: Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
Verse 161: Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.
Verse 162: Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.
Verse 163: Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.
Verse 164: Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho.
Verse 165: Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.
Verse 166: Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza.
Verse 167: Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu.
Verse 168: Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
Verse 169: Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.
Verse 170: Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho.
Verse 171: Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.
Verse 172: Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.
Verse 173: Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.
Verse 174: Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.
Verse 175: Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izahlulelo zakho mazingisize.
Verse 176: Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.