Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Verse 2: Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.
Verse 3: Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.
Verse 4: Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.
Verse 5: Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.
Verse 6: Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.
Verse 7: Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?
Verse 8: Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
Verse 9: Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
Verse 10: nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.
Verse 11: Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,”
Verse 12: ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
Verse 13: Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.
Verse 14: Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.
Verse 15: Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
Verse 16: Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
Verse 17: Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.
Verse 18: Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
Verse 19: Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.
Verse 20: Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho.
Verse 21: Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na?
Verse 22: Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.
Verse 23: Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami,
Verse 24: ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.