Verse 1: Igama lokukhuphuka. Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.
Verse 2: Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
Verse 3: Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?
Verse 4: Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.
Verse 5: Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.
Verse 6: Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa.
Verse 7: U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.
Verse 8: Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.