Verse 1: ElikaDavide. Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,
Verse 2: umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa abantu bami phansi kwami.
Verse 3: Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?
Verse 4: Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.
Verse 5: Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.
Verse 6: Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.
Verse 7: Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi
Verse 8: abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
Verse 9: Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha; ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.
Verse 10: Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.
Verse 11: Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
Verse 12: Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
Verse 13: lapho izingobo zethu zigcwele, ziveza izinhlobo ngezinhlobo, nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane, yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;
Verse 14: lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,
Verse 15: babusisiwe abantu abanjalo; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.