Verse 1: Igama lokukhuphuka. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.
Verse 2: Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
Verse 3: Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.
Verse 4: Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.
Verse 5: UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.
Verse 6: Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.