Verse 1: Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Verse 2: Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
Verse 3: Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
Verse 4: Mabathi abamesabayo uJehova: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
Verse 5: Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova, uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.
Verse 6: UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
Verse 7: UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
Verse 8: Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.
Verse 9: Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu.
Verse 10: Bonke abezizwe bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
Verse 11: Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
Verse 12: Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
Verse 13: Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza.
Verse 14: UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.
Verse 15: Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.
Verse 16: Esokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.
Verse 17: Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.
Verse 18: UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.
Verse 19: Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.
Verse 20: Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
Verse 21: Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami.
Verse 22: Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi.
Verse 23: Lona lavela kuJehova; liyisimangaliso emehlweni ethu.
Verse 24: Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.
Verse 25: Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
Verse 26: Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova.
Verse 27: UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
Verse 28: Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.
Verse 29: Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.