Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;
Verse 2: ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.
Verse 3: Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.
Verse 4: Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.
Verse 5: Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela
Verse 6: Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.
Verse 7: Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 59:7 AmaH. 55:21; 57:4.
Verse 8: Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 59:8 AmaH. 2:4.
Verse 9: Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
Verse 10: UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
Verse 11: Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 59:11 Gen. 4:12.
Verse 12: Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
Verse 13: Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela
Verse 14: Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
Verse 15: Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 59:15 Isaya 8:21.
Verse 16: Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
Verse 17: Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.