Verse 1: Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Verse 2: Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;
Verse 3: wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.
Verse 4: Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.
Verse 5: Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
Verse 6: Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
Verse 7: Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.
Verse 8: Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Verse 9: Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
Verse 10: Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,
Verse 11: ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
Verse 12: Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.
Verse 13: Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
Verse 14: Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.
Verse 15: Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Verse 16: Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.
Verse 17: Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.
Verse 18: Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.
Verse 19: Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
Verse 20: Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.
Verse 21: Mababonge uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Verse 22: Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
Verse 23: Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.
Verse 24: Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.
Verse 25: Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.
Verse 26: Bakhuphukela ezulwini, babuye behlela kuzo izintwa; umphefumulo wancibilika ngosizi.
Verse 27: Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo; konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
Verse 28: Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
Verse 29: Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.
Verse 30: Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
Verse 31: Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Verse 32: Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.
Verse 33: Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,
Verse 34: nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.
Verse 35: Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
Verse 36: Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi wokuhlala.
Verse 37: Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.
Verse 38: Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.
Verse 39: Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
Verse 40: Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
Verse 41: Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.
Verse 42: Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
Verse 43: Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.