Psalms - Chapter 106

Verse 1: Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Verse 2: Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

Verse 3: Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Verse 4: Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,

Verse 5: ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.

Verse 6: Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.

Verse 7: Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.

Verse 8: Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.

Verse 9: Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.

Verse 10: Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.

Verse 11: Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.

Verse 12: Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.

Verse 13: Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.

Verse 14: Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

Verse 15: Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

Verse 16: Baba nomhawu ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaJehova.

Verse 17: Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu.

Verse 18: Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.

Verse 19: Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

Verse 20: Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.

Verse 21: Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

Verse 22: izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.

Verse 23: Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

Verse 24: Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.

Verse 25: Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.

Verse 26: Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,

Verse 27: awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.

Verse 28: Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.

Verse 29: Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.

Verse 30: Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo;

Verse 31: lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.

Verse 32: Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.

Verse 33: Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.

Verse 34: Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo,

Verse 35: kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.

Verse 36: Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.

Verse 37: Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.

Verse 38: Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

Verse 39: Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.

Verse 40: Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

Verse 41: Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.

Verse 42: Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.

Verse 43: Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo.

Verse 44: Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.

Verse 45: Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

Verse 46: Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.

Verse 47: Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.

Verse 48: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories