Verse 1: Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
Verse 2: Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
Verse 3: Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.
Verse 4: Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.
Verse 5: Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.
Verse 6: Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.
Verse 7: Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
Verse 8: Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
Verse 9: Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
Verse 10: Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.