Verse 1: Ihubo likaDavide. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
Verse 2: Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
Verse 3: Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
Verse 4: Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Verse 5: Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.
Verse 6: Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.