Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni. Ihubo likaDavide. Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.
Verse 2: Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.
Verse 3: Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?
Verse 4: Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela
Verse 5: Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.
Verse 6: Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
Verse 7: Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
Verse 8: Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
Verse 9: Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.
Verse 10: Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Verse 11: UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.
Verse 12: Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.