Verse 1: Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.
Verse 2: U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.
Verse 3: Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.
Verse 4: Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
Verse 5: Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,
Verse 6: Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,
Verse 7: ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu,
Verse 8: babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,
Verse 9: bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!