Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
Verse 2: Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela
Verse 3: Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
Verse 4: Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
Verse 5: Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
Verse 6: Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
Verse 7: Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
Verse 8: Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
Verse 9: Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.
Verse 10: Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
Verse 11: Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.
Verse 12: Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
Verse 13: Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.