Verse 1: Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele. 48:1 AmaH. 76:1.
Verse 2: Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. 48:2 Math. 5:35.
Verse 3: UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. 48:3 AmaH. 46:5.
Verse 4: Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. 48:4 2 IziKr. 20:1.
Verse 5: Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka.
Verse 6: Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.
Verse 7: Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi. 48:7 Isaya 33:23.
Verse 8: Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela
Verse 9: Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho.
Verse 10: Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.
Verse 11: Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.
Verse 12: Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo.
Verse 13: Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.
Verse 14: Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.