Verse 1: UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi; mawuzamazame umhlaba.
Verse 2: UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.
Verse 3: Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena.
Verse 4: Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.
Verse 5: Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.
Verse 6: OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.
Verse 7: Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.
Verse 8: Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo.
Verse 9: Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.