Psalms - Chapter 135

Verse 1: Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

Verse 2: enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

Verse 3: Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.

Verse 4: Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

Verse 5: Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

Verse 6: Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

Verse 7: Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

Verse 8: Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.

Verse 9: Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

Verse 10: Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

Verse 11: uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.

Verse 12: Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

Verse 13: Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

Verse 14: Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.

Verse 15: Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

Verse 16: Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.

Verse 17: Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

Verse 18: Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.

Verse 19: Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.

Verse 20: Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.

Verse 21: UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories