Verse 1: Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
Verse 2: khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
Verse 3: Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.
Verse 4: Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu.
Verse 5: Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,
Verse 6: nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma eninjengamawundlu, na?
Verse 7: Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi, ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
Verse 8: yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.