Verse 1: Indumiso kaDavide. Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.
Verse 2: Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
Verse 3: Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.
Verse 4: Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.
Verse 5: Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.
Verse 6: Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
Verse 7: Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.
Verse 8: UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.
Verse 9: UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
Verse 10: Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.
Verse 11: Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho
Verse 12: ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
Verse 13: Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
Verse 14: UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo.
Verse 15: Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
Verse 16: Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
Verse 17: UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.
Verse 18: UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.
Verse 19: Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
Verse 20: UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.
Verse 21: Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.