Verse 1: ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. 34:1 AmaH. 146:2.
Verse 2: Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
Verse 3: Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.
Verse 4: Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
Verse 5: Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.
Verse 6: Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
Verse 7: Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. 34:7 Gen. 32:1; 2 AmaKh. 6:17.
Verse 8: Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. 34:8 1 Pet. 2:3.
Verse 9: Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. 34:9 AmaH. 33:19; 37:19.
Verse 10: Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. 34:10 Luk. 1:53.
Verse 11: Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
Verse 12: Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? 34:12 1 Pet. 3:10.
Verse 13: Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. 34:13 Ef. 4:29; 5:4; Kol. 4:6.
Verse 14: Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. 34:14 AmaH. 37:27; Rom. 12:18; Heb. 12:14.
Verse 15: Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. 34:15 2 IziKr. 16:9.
Verse 16: Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. 34:16 AmaH. 73:20.
Verse 17: Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. 34:17 AmaH. 145:18.
Verse 18: UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. 34:18 Isaya 57:15; 66:2; Luk. 18:13.
Verse 19: Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
Verse 20: Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. 34:20 Eks. 12:46; Math. 10:30; Joh. 19:36.
Verse 21: Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
Verse 22: UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.