Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu. Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na? 58:1 Isaya 56:10.
Verse 2: Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
Verse 3: Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. 58:3 Isaya 48:8.
Verse 4: Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo, 58:4 Jer. 17:23; Hez. 12:2; IzE. 7:57.
Verse 5: lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
Verse 6: Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! 58:6 AmaH. 3:7.
Verse 7: Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile. 58:7 Jobe 14:10.
Verse 8: Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. 58:8 Jobe 3:16.
Verse 9: Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
Verse 10: Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, 58:10 AmaH. 54:7.
Verse 11: abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”