Verse 1: Igama lokukhuphuka. Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.
Verse 2: Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.
Verse 3: Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.
Verse 4: Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.